Now Reading
Inguquko Yokubheka Phezulu: noma Ingani Abantu Bahambe Babeka Phezulu

Inguquko Yokubheka Phezulu: noma Ingani Abantu Bahambe Babeka Phezulu

The Upright Revolution 4


IsiZulu

Sihle Ntuli

Ngezikathi zakudala, abantu bekwazi ukuhamba ngemilenze kanye nezingalo njenge zinye izilwane ezi namalimbs amane. Abantu bekwazi ukushesha bedlula unogwaja, ingwe noma ubhejane. Imilenze nezingalo zisondelene namanye amalungo: benamalungo acishe afana namuhla: amahlombe no khalo: indololwana nama dolo: amaqala namalunga; unyawo nezendla kukunye izinzwane zinhlanu neminwe futhi. Ngalezo zikhati isithupha besimaduze neminwe, nobozo futhi, Izinyawo nezandla zibizana ngezihlobo zokuqala.

Besizana kudaba lokuhambisa umzimba ndawozothi. Uma umzimba ubudinga ukuya emakethe, ezitolo, ngaphezulu futhi nangaphansi kwemithi nezinthaba, zonke nje izindawo ebezidinga umnyakazo bakwenziwa ngokusizana komzimba. Ngisho nasemanzini besebenzisana kahle ndawyone, umzimba ukwaze ukungena emanzini, nokubhukuda nokudayiva. Bekukhona umqondofana nokulingana kwinhlangano yabo. Bekwazi futhi ukuboleka izinto kwezinye izindawo emzimbeni, umsindo bekwazi ukuboleka emulonyeni, ukuzwa bekwazi ukuboleka ezindlebeni, ukunuka bekwazi ukuboleka emakhaleni, nokubona bekwazi uboleka emehlweni.

Umnyakazo wabo bese sekuhlangane konke kwenze lemanye amalungo abe nomona. Abayithandanga udaba lokuthi iziphiwo zabo zizobolekwa izihlobo zabo. Umona wabavala amehlo indaba yokuthi imlenze nezingalo izona zombili ezidala uhambo lwabo. Baqala ukucabanga indlela yokuqatha imilenze nezingalo. Ulimi laboleka ucebo kwinqondo lalibeka lunjalo. Ulimi lazicabangela ngomsindo omkhulu ukuthi lezinyawo kanye nezingalo ingaba zinamandla ngempela na. Laqhubeka lathi ikuphi okunamandla kakhula ngaphakathi kwezingalo nemlenze. Zombili zaboleka umsindo emlonyeni zithi zinamandla ngaphezu kokhubalulekha emzimbeni

Kwafika kudaba lokuthi ukhupi okume kahle; ingalo yazincoma ngobude nokuncipha kweminwe ezandleni, yagxheka inzwane ngobufushane kanye nokubududla kwazo. Zaphindsela inzwane zagxheka leminwe enciphile zithi ziyalamba! Kuqhubeke lokhu izinsuku eziningi, sekuyiphatha kabi indaba yokusebenzisana ndawonye. ekupheleni kwafika endabeni yamandla. Baya kwezinyi zindawo zomzimbi ukuze baluhlole loludaba.

Ulimi lathi makube khona umqudelwano. Umcabanga omuhle lowo, bavumelane bonke, kodwa kazi lomqudelwano uzowenziwa kanjani. Abanye bathi makube iwrestling – imilenzi liziswane ngamandla nezingalo. Abanye bathi mabelwe ngezinkhemba, ijuggline, umjaho, noma kudlalwe imidalo yomucabango njengechess noma amacheckers kodwa konke kwavalwa ngenxa yokuthi kuzoba nzima kakhulu ukuthi amathuba okunqoba afane kwilemiqudelwano.

Kwaba ulimi futhi, eliboleka umcabango kwinqondo owaxhazulula inkiniga. Izindawo zomzimba ngokuhluka kwazo zizocabanga imiqudulwano ngokulandelana. Ingalo nemilenza zavuma.

Umqudolwane yenzeka ehlathini ngasemfuleni. Zonke izitho zomzimba zabheke ingozi nokunye okuzozuma umzimba. Amehlo abheka kude abheka ingozi. Izindlebe zama khona zizozwa nomsindo omncane; ikhale lizilungise ukuze nalo lizozwa kahle iphunga lengozi elingabonangwa futhi; ulimi lona beseli lindele ukukhala ngayo ingozi.

Umoya wathela indaba yalomqudelwano ndawo zonke ehlathini, emanzini nase moyeni. Izilwane ezinemilenze emine ifike kuqala, inkulungane yamakhulu zawo zibambe izihlala beveze ukuthi beze ngokuthula. Izihlelo bezinembala eminingi kukhona Ingwe, iCheetah, Ibhubhesi, Ubhejane, Impisi, Indlovu,Indlulamithi, ikhameli, Izinkomo, iAntelope, iGazelle, uNogwaja, Amagundwane, Amahlala manzi, imvubu, inhlanze bonke bazibeka maduze nasemfuleni. Intshe nezinywe ezinama phiko zawafaka emoyeni zaletha umoya ziveza injabulo yabo; izinyoni nazo zacula zihleli emthini; namaqwagi acule iculo lasebusuku, iscabucabu namashongololo ahambe phansi nasemthini.

Unwabo lazihambela, Iscabacabu lahamba lingakwazi ukuhlala ndawo. Inkawu, Amachimpanzee nezimfene zona zigxume imithi nemithi. Ngisho imithi nayo zibe nomnyakazo zizama ukubuka ngokulandelana.

Umlomo waqala umqudelwano ngeculo

Sikwenzisa injabulo
Sikwenzisa injabulo
Sikwenzisa injabulo
Ngoba sonke
Siphume endaweni eyodwa.

Ingalo nemilenze bathembisa ukuthi bazovumelana nemiphumela yalomqudelwano ngokuthula. Kungaphazamiseki lutho ngokudinwa nokunye.

Izingalo zaqala zabiza umqudelwano wokuqala; baphonsi ukhunu phansi. Umlenze beluzozama ukususa lenkhunu phansi beliphose. Izinyawo bezivumelwa ukuthi zisebenzisana kanye nazinzwane, ukuze bekwazi ukuzama lesenzo.

Imilenze izame ukuludusha bezame konke noko bahluleke ukulubamba kahle; behluleka nokuluhambisa bekwaze nje ukulukahlela indlela encane. Ngokubona lokhu iminwe ibolekhe umsindo emlonyeni zafa insini.izingalo, zaziqenye ngokufana komqudelana wobuhle, zazivezela ubuncane bazo, zaqala zabamba futhi zawuqhubula ukhunu. Izingalo zawulahla ukhunu kude, omphetha nababukheli bakhala ngokumangala kwesenzo sesiphiwo sezingalo.

Bakhombisana ngezinye iziphiwo; bethathi inhlabathi encane kwisitcha; bekhipa amanalithi; benza umishini yokubamba ukhunu olusindayo; benza imikhonto futhi bewuphonse kude, izenzo izinzwane bezingakwazi ukuzenza kodwa zifisa. Imilenze ibihleli imangele ibheka izihlobo ezincane.

Izihlelelo zashaya izandla, loludaba lawuphatha kabi umlenze, Imilenze ibizophika ukuthi ihleli, nobozo omkhulu izama ukucabanga umqudelwano ebizowu nqoba.

Safika isikhathi sezinyawo nezinzwane ukuthi zifake owabo umqudelwano. Bathi owabo iwona olula.

Izandla maziqubule umzimba wonke umzimba kwindawo eyodwa ihambe iye kwenye.

Iminwe yabo nomhhobolo. Bekwiyinto yokubona. Yonke into emzimbeni ibheke phansi. Izandla zithinta phansi; amehlo abe maduze naphansi ngasesihlabathini, ukubona kwabo kuphazimiseke ngoba besemaduze nokuthintha phantsi; intuli yangena ngekhala, lithimule; imilenze nezinzwane ziye emoyeni:

Nyayo juu, kwakhla ababukheli, becula ngokudlala bathi.

Izinyawo phezulu
Ungkhathazeki
Izinyawo phezulu
Ungakhathezeki
Landela izinyawo
Masindize emoyeni

Kodwa amehlo abheka izandla namehlo. Umzimba ndawo nezindawo ubusanda kukhombisa izimanga, usuhluleka nokuhamba, izandla zikhale izinhlugu, izingalo zihluleke, uwe umzimba. bazame futhi. Kulumzamo bekhipa iminwe ukuze kubambelele phantsi kodwa kwaphuma izithupa zodwa. Bazame ukuphenduka emoyeni kanye nemilenze bemiswa ngenxa yokufaka imilenze.

Zaqala izinzwane insini. Zabolekha umsindo okuhleka kwasemqaleni beqhatanisa nohleko ngelizwi elincane elisetchenziswe iminiwe ekuqaleni.

Bezwa insini, izingalo zidinwe zizama kokhugcina ukubamba umzimba. Zahluleka ukuhamba bagcina beyekile.

Imilenze ijabule kakhule ukuthi ikhombise kabanzi isiphiwo sazo kwezimjaho: zakala isikhathi, zagijima, zagxuma kulomqudelwano.

Umzimba wangathinta phansi. izinyawo zezihlelo zishaya phansi ngemvumo. Izingalo zikhale ngemithetho yomudlalo, zakohlwa ukuthi lomqudelwano uqalwe izona.

Kodwa bonke kanye nezihlelo, babona isimangalo ngezingalo; izithupha ziyaphuma uma izandla zizama ukubamamba umzimba, kodwa noko bezuhlukene neminye iminwe.

Ezinyo ezitho zomzimba besizoqala insini kodwa bamiswa ngokubona okunye, izandla bezilimala ukuwenze lomusebenzi, kodwa uma isithupha sisodwa kuyasiza ngokubamba. Yini le? Okungeko kuyashintsha kube amandla yobukhona!

Ukuhlolwa kwamanqoba kwaqubeka izinsuku eziningi zabi nhlanu. izinombolo zeminwe nezinwane kwamalimbs. Kodwa abakwazanga ukuhlola ngendlela ezokwaza okukhipha indawo yomzimba enqobile: zonke izindawo zomzimba zeziwo mphetha kumsebenzi wabo emzimbini.

Baqala behlangana ngokujula okukhulu: kanti yini umzimbi, babuza bonke. babona ukuthi umzimba ibo bonke ndawonye; bebonke bayisebenzisana ukuze umzimba usebenze.

Kodwa kuze imequdelwana efana nawo lo ugasenzeki futhi nokuvala indaba yokuthi izinye zomzimba ziphazimisa izinye, kwavumelwana ukuthi umzimba ubuzohamba ubheke phezulu, izinyawo zibambe phansi nezingalo emoyeni. Umzimba wajubula ngelesivumelwana kodwa ubizovumela izingane ezincane ukuthi zihambe phansi kuze zikhumbule ukuthi ziphuma kephi.

Bese bahlukanisa umsebenzei: imilenze zizowubamba umzimba uze ufike lana owuya khona, izandla ziqhubheka ngokwenze noma nokubamba amathuluzi. Imilenze nezinyawo zibamba, izandla zezisebenzisana nendawo ukuze kufike ukudla emulonyeni

Umlomo, noma, amazinyo, zihlafune zikuyese emuqaleni iye eswini. Eswini kuzophuma okuhle bese ngokena ngaphakathi kuzo zonke izindawo.

Isisu zekuyise okuhle zikuhambise okungadingakali kwizindawo zokumoshakala, ikhiphe ukumoshakele etshanini oluvulekile noma iwughube ngaphansi kwesihlabathi.

Imithi nezihlobo zikule ngenxa yalokhu, izandla zibamba imithi yezihlobo zemithi zifake emulonyeni. Vumani bo! isondo lezimpilo liyajikajika.

Ngisho imidlalo ubusuhlukaniswa: ukucula, ukuhleka nokukhuluma kwaba izinto zomulomo; ukugijima nokudlala kwebola kwaba izinto zemilenze; ibaseball nebasketball kwashiyelwa izandla, ngaphandle kokuthi imilenze bezikwenze ukugijima kwezimijaho, imilenze yatholo yonke indawo yotshani. Ukuhlukaniswa kwenza umzimba waba umshini ngokwedlule ezinye izilwane.

Kodwa umzimba wabona ukuthi lesivumelwano besikwazi ukuletha inxabano. Ikhanda elima phezulu lizozwa njengathi ilona elidlula izinyawo ezithintha phansi noma ukuthi liphethe. Benza iphuzo ukuthi ngamandla, ikhanda liyalingane nokonke okusemzimbeni. Ukuze leliphuzo belibeke licace, isivumelwano sathi izinhlungu endaweni eyodwa mazizwakale kuwonke umzimba.

Baluwazisa umlomo ukuthi ngokusho lokhu, lukhulumela umzimba wonke hhayi njengo umlomo uwodwa.

Bacula bathi:

emzimbeni wethu
Asikho isi’sebenzi
emzimbeni wethu
Asikho isi’sebenzi
Sisebenzela thina
Okwethu ngokwethu
Sisebenzela thina
Okwethu ngokwethu
Sizebenzela thina
Ulimi nelizwi lethu
Masibambisani
Sakhe umzimba ophilayo
Masibambisani
Sakhe umzimba ophilayo
Ubuhle buyahlanganisa

Masisibenzelane
Amandla Masindawonye
Masisibenzelane
Khona umzimba uziphilele
Khona umzimba uziphilele

Lokhu kwaba iculo lomzimba. Umzimba usayicula kuze kube namuhla futhi ingenxa kwaloku kukhona umehluko kwabantu, izilwane, nabanye abayinqabela ingquko yokubeka phezulu.

Ngaphandle kwezinto abazibonile, izilwane eziphantsi ezine bezigayfuni lenguquko. Lendaba yokucula bengayizwa. Umlomo owokudla hhayi ukucula.

Lezilwane ezingafunanga inguquko baqala inhlangano engabanga nalo ushintsho.

Uma abantu befunda kanye nomzimba, benza kahle. Kodwa uma behlukanisa umzimba nekhanda ngokufana kwempi, ekodwa kungaphezulu nokokunye, bafika maduze nezihlobo zabo zezilwane lezi ezayiphika inguquko yokubheka phezulu.

~
Read the English translation – The Upright Revolution: Or Why Humans Walk Upright by Ngugi wa Thiong’o


Sihle Ntuli is an up and coming writer from South Africa. He has recently published his debut anthology Stranger and is currently completing his M.A in classical civilizations at Rhodes University. His work has been featured on StoryZetu, Saraba, Arusha, Bakwa & Kalahari Review amongst others.

What's Your Reaction?
Excited
0
Happy
0
In Love
0
Not Sure
0
Silly
0
Scroll To Top